Abantu abaningi bashumayela ivangeli ngokulihlakanezela. Bashumayela ukuthi kumele ukusebenzele ukusindiswa ukuze ubuyisane noNkulunkulu.
Iqiniso ukuthi insindiso ingumahala, kuphela kumele ukholwe iNkosi uJesu. Akesibheke lama-vesi alandelayo;
• “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade." Johane 3:16
• Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; AmaRoma 3:23
• Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu. AmaRoma 6:23
• UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Johane 14:6
• Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe. Johane 1:12
• UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe:Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.” Johane 3:3
• Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa. KumaHeberu 9:22
• wathi: “Ngiqinisile ngithi kini:Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu. Mathewu 18:3
• Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami. IsAmbulo 3:20
• Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi. 1 Johane 1:9
• Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa. ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.” AmaRoma 10:9, 10, 13
Ngiyabonga Ngokufunda Lama-vesi
UNkulunkulu Anibusise
Siphinde Sihlangane Ngokuzayo!